A Simple Guide to Managing Village Poultry in South Africa/Izindlu zezinkukhu

From Poultry Hub

Jump to: navigation, search

Izindlu zezinkukhu

Illustration: Susan Powell
Illustration: Susan Powell
  • Izinkukhu zidinga indlu eyakhiwe yaqina. Kumele zivalelwe ebusuku ukuze zivikeleke esimweni sezulu esingesihle, ezilwaneni ezidla izinkukhu, nasemaseleni, nokuzinikeza wena ithuba lokubona ukuthi azikho yini ezigulayo. Lokhu kukwenza ukwazi futhi ukuqoqa amaqanda endaweni eyodwa ngesikhathi esisodwa.
  • Kumele uhlele ngokucophelela ipulani lapho uzokwakha khona indlu yezinkukhu. Udinga indawo enethunzi, eyomile futhi eqondile. Kubalulekile ukumba umsele wokuhamba amanzi uzungeze indlu noma uqale ngokuphakamisa indawo ngaphambi kokuba wakhe, ukuze kuhlale komile nangezikhathi zezimvula.
  • Indlu ungayakha ishibhe ngokusebenzisa izinto ezitholakala eduze. Kufanele ubone ukuthi yini ekhona, kungakuhle ibe seduze nomuzi, utshani nehlathi kucekwe indawo engangamanyathelo amathathu ukusuka endlini, ukuvikela izinyoka namagundane. Ezinye izindlu zakhelwa emapalini zibe ngaphezulu komhlabathi. Lokhu kuvikela izinkukhu ezilwaneni ezifana nezinyoka, izinja namagundane.
  • Ubungako bendlu buncike enanini lezinkukhu ozifuyile. Ezinkukhwini eziyishumi (10) kuya kweziyishumi nanhlanu (15), indlu ingaba okungenani amanyathelo amade amabili ububanzi kanye namanyathelo amathathu ubude. Kungcono ukuthi indlu ibenkulu kakhulu kunokuba ibencane kakhulu.
Illustration: Susan Powell
Illustration: Susan Powell
  • Indlu kufanele ibe nesivalo esivikelekile, esikwaziyo ukungenisa umoya nokukhanya okuningi. Kufanele ikwazi ukuvikela ukushintshashintsha kwesimo sezulu kodwa ingangenisi umoya obandayo. Kufanele kubekhona imigoqo yokugibela, ngoba izikhukhukazi ziyathanda ukulala kulemigoqo kunokuthi zilale phansi.
  • Indlu kufanele ibe nezitsha zokudlela ukuze ukudla kuzohlale komile. Kufanele ibe nezitsha zamanzi futhi. Lezizinto zingakhiwa ngendlela eshibhile kusetshenziswa amathini noma izitsha zobumba. Shintshashintsha izitsha zamanzi uzibeke ezindaweni ezahlukene uma sekuqala ukuba manzi lapho kade zikhona.
  • Izidleke, izidleke ezakhiwe ngendlela yakhona kufanele zibekwe ezindaweni ezingenakho ukukhanya ngaphakathi endlini ukuze ukwazi ukuqoqa kahle amaqanda nokunika ithuba lezo ezithanda ukufukamela. Izidleke ezintathu zingalungela izinkukhu ezingu 10 kuya ku-15. Kufanele zibe ngaphezulu komhlabathi (isilinganiso esifika edolweni ubude). Lokhu kusiza ukuvikela amaqanda ezilwaneni nokuwagcina ehlanzekile. Kufanele wenze isiqinisekiso ukuthi izidleke zibekeke ngendlela yokuhi ungakwazi ukuthatha amaqanda kalula.
  • Kufanele uhhale indawo engcolile ngaso sonke isikhathi noma ufake okunye kokwendlalela phansi (ilitha/sodasti) uma kusekhona eyasala. Umanyolo nesodasti kufanele kususwe njalo kanye ngenyanga bese ibekwa engadini. Izitshalo zakho zokhula kahle. Kodwa ungawufaki umanyolo osemusha engadini ngoba ungashisa izitshalo.

See Also

Personal tools
site help