A Simple Guide to Managing Village Poultry in South Africa/Ukondliwa kwezinkukhu

From Poultry Hub

Jump to: navigation, search

Ukondliwa kwezinkukhu

Illustration: Susan Powell
Illustration: Susan Powell
  • Izinkukhu zidinga ukudla okuhlanganiswe kahle okuxutshwe ngezinto ezahlukene ukuze zikhule kahle futhi zikhiqize amaqanda amanngi. Zidinga nomthombo wamanzi ohlanzekile.
  • Zingakuthola okunye ukudla ngokuthi ziziqhwishele emhlabathini iminenke, izinambuzane, umbila, imisundu, imbewu notshani. Lena inhlanganisela enhle kodwa ayanele ekutheni zikhiqize kahle. Zidinga okunye ukudla.
  • Ungakuthenga ukudla uthengele amatshwele asemancane kakhulu. Zingakudla ukudla okubunjiwe noma umbila ogayiwe kuze kufike emasontweni angu 4-kuya kwangu-5 ubudala. Lokhu kufanele ukuthenge esitolo sokudla. Ungazivumeli izinkukhu ezindala zidle lokhu kudla, akuzifanele zona. Ningahlanganisa imali nomakhelwane uma kuyikuthi kuyadula nikuthenge ngobuningi.
  • Ungazigcwalisi ukudla izitsha ngoba izinkukhu zingakuchitha ngaphandle kumoseke.
  • Izinkukhu isikhathi esiningi azinayo i-calcium eyanele yokuqinisa amagobolondo amaqanda azo. Iminenke yisona sizinda esihle se-calcium kodwa ikaliki (limestone) ishibhile futhi kumele itholakale ngezitsha zayo zibekwe endaweni eyomile. Amagobolondo amaqanda agayiwe anganikwa izinkukhu ukuze alethe i-calcium kodwa kufanele abiliswe nemifino eluhlaza. Ngaleyondlela angeke andise amagciwane.
  • Ukudla okusale kudliwa endlini kubalulekile. Lokhu kufanele kungachithwa, akubekwe, bese kunikwa izinkukhu zidle kusekusha njalo ngosuku. Uma unokudla okuseceleni okusale engadini okunjengamazambane nokunye kufanele uziphe kodwa ukupheke khona zizokwazi ukukugaya kahle esiswini. Obhanana nezinye izithelo zilungile ezinkukhwini. Kuwumbono omuhle ukuthi uziphe ukudla okusale endlini uma usuzivalela ntambama. Lokho kuyozinika umfutho wokuthi ziklabe kusukela ekuseni.
Illustration: Susan Powell
Illustration: Susan Powell
  • Amathambo aqhamuka ezinkukhwini eziphekiwe nakwezinye izilwane, angomiswa elangeni, agaywe acoyisakale, bese enikwa izinkukhu. Lokhu kuqukethe ama-mineral abalulekile, anjenge calcium, ukuze izinkukhu zihlale ziphilile.
  • Umbila nokolo ngesinye isikhathi ubakhona. Lokhu kuzilungele izinkukhu ezindala kodwa kufanele uzifunele enye inhlobo yokudla. Azeneliswa yilokho ezikutholayo.

See Also

Personal tools
site help