A Simple Guide to Managing Village Poultry in South Africa/Ukuphathwa Kwezinkukhu
From Poultry Hub
Contents |
Ukuphathwa Kwezinkukhu
Ukukhuliswa kwamatshwele
- Amatshwele asanda kuchanyiselwa adinga ukunakekelwa okukhulu. Ezinye izikhukhukazi zingomama abangcono kunezinye futhi zingakwazi ukukhulisa amatshwele amakhulu nanempilo, ngempumelelo.
- Amaviki amathathu kuya kwamane abaluleke kakhulu empilweni yamatshwele ekutheni avikeleke esimweni sezulu nasezilwaneni. Kufanele abekwe endaweni evalekileyo ukuze avikeleke. Lendawo kufanele ikwazi ukugudluzeka, futhi ifanele ibe nkulu ngokwanele ukuze amatshwele akwazi ukuziklabela nonina. Lelihhoko kufanele ligudluzelwe endaweni eseyintsha ngaso sonke isikhathi.
- Amatshwele kufanele ahlale omile futhi efudumele futhi kubalulekile ukuthi afunde konina ukuziklabela ukuze athole ukudla. Ebusuku izinkukhu namatshwele kufanele zivalelwe ehhokweni elivikelekile.
- Emini amatshwele kufanele aphiwe ukudla. Okokuqala kungaba iqanda elibilisiweyo, nomgqakazo omncane, isinkwa, impuphu ephekiwe noma engaphekiwe. Emuva kwezinsukwana kufanele ziphiwe ukudla kabili ngosuku, uzinike ezizokwazi ukukudla zikuqede ngalekwalokho ukudla kuzomoseka.
- Izikhukhukazi akufanele zidle ukudla kwamatshwele. Isikhadlana kufanele sivulwe ngendlela yokuthi kuzokwazi amatshwele odwa ukudla hhayi izikhukhukazi.
- Amanzi ahlanzekile ayadingeka, afakwe ezitsheni ezifanelekile kodwa amatshwele akufanele abe manzi. Ungabeka amatshe ahlanzekile emanzini ukuze amatshwele angaweli phakathi.
- Susa amatshwele afile ngokushesha uwagqibe kude nehhoko lezinkukhu.
- Uma amatshwele esenamasonto angu 3- kuya ku 4 asengakhishwa ezindlini ezigudlulwayo aziklabele kakhudlwana nonina kodwa asuke esadinga ukunikwa okunye okudla okwehlukile kwezinye noma konina uma ufuna akhule kahle futhi abe nempilo.
- Emavikini amathathu kufanele ube usukwazi ukuhlukanisa phakathi kwezesilisa nezesifazane, ngamehlo. Ezesilisa zikhula ngokushesha ngakho kufanele zinikwe ukudla okuningi ukuze zikwazi ukukhula ngokushesha. Uma kungenzeka, ungaziphela endaweni eyehlukile okungenani uhhafu we-hora ngosuku.
- Ungalindi amaqhude aze akhule kakhulu ungakawadli noma uwadayise. Lokho kusho ukuthi uzokonga ukudla futhi ube nendawo eningi yokufaka izinkukhu ezintsha. Ungaba nokudla okuningi okusele ongakunika ezinye izinkukhu.
Ukuphathwa kwezikhukhukazi
- Izinkukhu ziqala ukuzalela uma sezinezinyanga ezingu 6- kuya kwezingu -8 ubudala. Ukuziphakela kahle nokuzinakekela kungazenza zisheshe zizalele zisencane futhi zizalele amaqanda amaningi.
- Izikhukhukazi ezizalelayo ziba nezingedla ezinkulu ngokusengathi ziqumbile, ezibomvu ngokucwebezelayo. Isikhukhukazi esingazaleli siba nogedla okungathi lushwabene futhi oluphuphile. Izikhukhukazi ngoba zizalela zibuye zime, umbala wezingedla uyashintshashintsha isikhathi nesikhathi.
- Qoqa onke amaqanda ezidlekeni okungenani kanye ngosuku. Njengoba sesike sasho kufanele ubeke amaqanda angu 6-kuya ku-8 enkukhwini efukamelayo.
- Ungawabeki amaqanda endaweni efudumele. Ungawabeki kuze kudlule izinsuku ezingu 5-kuya ku-7 ungakawadayisi ngoba azobola futhi angeke achamuseleke uma efakwa enkukhwini efukamelayo.
- Khetha amaqanda ahlanzekile, amakhulu, anegobolondo eliqile uwabeke ezinkukhwini ezifukamelayo amaqanda anamagobolondo amancane futhi anezimfa angeke achamisele. Iqanda elikhulu liyokhipha itshwele elikhulu elinempilo futhi elinamathuba amahle okukhula libe inkukhu ephilile.
- Uma izikhukhukazi sezineminyaka engu 3 ubudala ziyama ukuzalela noma zizalele amaqanda angemaningi. Zidla ukudla kwakho zibe zingenayo inzuzo. Kufanele uzidle noma uzidayise, esikhaleni sazo ufake ezisencane ezisazozalela.
