A Simple Guide to Managing Village Poultry in South Africa/Ukuzalanisa nokuchamuselisa

From Poultry Hub

Jump to: navigation, search

Ukuzalanisa nokuchamuselisa

Illustration: Susan Powell
Illustration: Susan Powell
  • Kufanele ubhekisise ukuthi iziphi izinkukhu ezizalela amaqanda amaningi, zikwazi kangakanani ukuhlala emaqandeni azo, zikwazi kangakanani ukunakekela amachwane azo, futhi iziphi ezingomama abasezingeni eliphezulu. Hlalisa imivimbazana nalabomama osubakhethile ukuze wandise izinkukhu zakho.
  • Gcina lezozinkukhu ezizalela amatshwele akhula ngokushesha futhi anosayizi abakhulu kube ezenyama. Lezi isikhathi esiningi kuba yilezo ezizoba amaqhude, futhi yizo ezilungele ukudliwa.
  • Izikhukhukazi kufanele zikhwelaniswe nalamaqhude amakhulu. Uyodinga amaqhude amabili (2) ezikhukhukazini ezingu-10. Dayisa ezesilisa ezingakhuli kahle. Ungazigcini futhi ungazisebenzisi ekukhiqizeni amatshwele.
  • Kuyisu elingcono kwesinye isikhathi ukushintshelana ngeqhude elilodwa noma amabili nangezikhukhukazi ezimbalwa ukushintsha uhlobo lwezinkukhu nomakhelwana abaqhelaqhelile nakini, lokho kuvikela ukwanda kohlobo olulodwa lwezinkukhu. Lokho kusho ukuvikela omama namadodana abo, kanye nobaba namadodakazi abo bangakhwelani bodwa. Lokho kungehlisa umkhiqizo wamaqanda nokukhula okungekuhle kwamatshwele.
  • Izinkukhu ezingazaleli kahle amaqanda kumele zinqunywe. Ngoba ziyadla nje kuphela kodwa zingakhiqizi lutho.
  • Faka izidleke ezahlukile zalezo zinkukhu ezifukamelayo ngaphezulu komhlabathi. Ungasebenzisa ubhasikidi onezimbobo. Faka utshani obomile, nehlabashana bese ufaka izimbaqa amaqanda ngeke afe kalula nezinga lokuchamisela lizobaphezulu.
  • Isidleke kumele sibekwe endaweni engangenwa ukukhanya, ekhoneni elithule kude nendawo elala ezinye izinkukhu. Amanzi nokudla kufanele zinikwe ngaso sonke isikhathi izinkukhu ezifukamayo. Isikhukhukazi sichamusela emva kwezinsuku ezingu-21.
Illustration: Susan Powell
Illustration: Susan Powell
  • Thatha onke amaqanda azalelwa usuku nosuku. Uma inkukhu ifuna ukufukamela beka amaqanda asemasha ayisithupha (6) kuya kwayisishiyagalombili (8) ukuze iwachamisele. Izinkukhu zikwazi ukunakekela ngokuphumelela amatshwele ambalwa. Amaqanda kufanele aphume kulezo ezizalela amaqanda amaningi noma kulezo ezikhiqiza amachwane akhula ngokushesha ezikhethelwe ukukhiqiza inyama (buka u1 & 2 ngenhla).
  • Amatshwele azochanyuselwa emva kwezinsuku ezingu-21. Akusizona zonke izikhukhukazi ezifuna ukuchamusela ezinikwa ithuba, kepha yilezo esezikhethiwe ukuthi zingomama abakwaziyo ukubhekela amatshwele azo. Ngaleyondlela zizoyeka ukufuna ukufukamela kodwa zizalele amanye amaqanda.

See Also

Personal tools
site help