A Simple Guide to Managing Village Poultry in South Africa/ezempilo
From Poultry Hub
Ezempilo
- Ukuhlanzeka iwona khiye enkukhwini enempilo. Izinkukhu ezinempilo enhle ezizalela amaqanda amaningi futhi ezikhula kahle.
- Ukugcina izinkukhu zihlale zinempilo, kufanele uzinike amanzi ahlanzekile. Hlanza izitsha zamanzi nezokudla nendlu yezinkukhu ngaso sonke isikhathi.
- Izinkukhu kufanele zicwaningwe zonke izinsuku kuze kubonakale ukuthi ayikho yini egulayo.
- Izinkukhu ezigulayo kufanele zihlukaniswe kulezo ezingaguli, zibe nendlu yazo zodwa zinikwe amanzi ahlanzekile nokudla okuthe xaxa. Uma zisencane kufanele zihlale zifudumele futhi zomile. Uma zingelulami kuze kudlule izinsuku ezingu 4 kuya kwezingu-5 kufanele uzibulale uzigqibe.
- Inkukhu esencane egulayo ayidli. Iba namaqubu avokomele futhi asokeme aphuma igazi. Izinkukhu ezindala ezigulayo ziba namaqubu angcolile ngasesitibhilini. Kungaba namaqashana ezimpapheni noma kugedla lwangezansi. Ezinye izinkukhu ngeke zikwazi ukuhamba kahle. Imilenze engaqinile noma ukugoba kwezinzwane kungaba yimbangela. Uma zingakwazi ukuhamba kufanele zibulawe, ngoba vele zizongcina zizifele.
- Uma inkukhu isizifele kufanele isuswe ngokushesha phakathi kwezinye bese iyagqitshwa. Ningayidli ngoba izobangela ukugula kuwo wonke umuntu ekhaya.
- Izinkukhu kufanele zihlale zinempilo uma ufuna zikhule kahle futhi zizalele amaqanda amaningi. Amanye amagciwane angaba khona endaweni ngaso sonke isikhathi, kufanele uzivikele ngokuthi uzigome.
- Isifo seNyukhasela (isiqothu) singabulala zonke izinkukhu zakho ngokushesha, kubalulekile ukuthi uzigomele yona. Kufanele uthole ulwazi ehhovisini lomeluleki wezinkukhu wasendaweni ukuthi zigonywa kanjani. Uma ungazigomi, ungalahlekelwa yizo zonke izinkukhu zakho.
- Uma kunezinkukhu eziningi ezigulayo, kufanele ufune usizo olusheshayo kumuntu onolwazi olunzulu ngamangciwane ezinkukhu. Usungake uzame-ke umuthi oyisipesheli wezinkukhu.
